Sei sulla pagina 1di 1

8

Amajuba Eyethu - December 14, 2012

Ukukhangisa Kuyasebenza
Xhumana noPhilile (034) 312 6021
-DS054674$.d

Xhumana Philile (034) 312 6021

Esithombeni usekela meya kumasipala waseMajuba uCllr. uNomgqibelo Majola, kube uCllr. Errickoson Zungu oyilunga le-Exco khona eMajuba, imenenja ehhovisi lezemidlalo uMnuz. Seva Naidoo, ogqoke ingubo ebomvu umeya waseDanawozi uCllr. Jabu Phakathi kanye nomunye wabaqondisi kumasipala waseMadlangeni uMnuz. Thokozani Mthethwa bejabulela enye yezindebe enqotshwe abadlali baseMajuba. Isithombe sithunyelwe

Abuye namagolide amabili Amajuba kumaSalga games


Ngu Khulekani Khuzwayo akuba ibhola likanobhutshuzwayo lehlelwe yifu elimnyama, lokushiywa umqeqeshi ebelinikwe yena kusadlalwe umdlalo owodwa nje vo. Lokhu kulandela ukudlula emhlabeni kwendodana yakhe ecwile emfuleni. Kodwa abantu besifazane nabadlala ibhola lezinyawo bakulesisifunda bazamile ukuwathoba lawo manxeba, njengoba benze kahle kakhulu kwimidlalo yabo yamaSalga nebilapha esifundeni sasoThukela kulempelaviki esiphuma kuyo. Uzwa noma ukhuluma nabo ezincingweni abantu bakulesisifunda ukuthi baswele amaphiko okundiza, ukube banawo ngabe bayandiza. Phela Amajuba alale isibili uma imiphumela seyihlanganiswe yonke, kulandela ukubuya namagolide amabili ebholeni lezinyawo lamantombazane kanye nasebholeni lombhoxo futhi elidlalwa abasefazane. Wayevele ebaphathise umyalezo oqinile umeya wakulesifunda uCllr. Jabu Khumalo ngenkathi belifulathela elakuleli abadlali beyoqhudelana kulemidlalo esibalulwe phambili, ngoLwesihlanu olwedlule. Lemidlalo ethathe izinsuku izintathu, bakwazile ukungamphoxi umeya wabo abadlali balapha. "Esikudingayo kini ukuba nibuye nendebe ize layikhaya. Fikani lapha nidlale ningalitshalwa okuningi. Okuba khona kwakho eqenjini eliyomela Amajuba komele ukuthathe njengesibusiso, nento engandele bani. Amajuba yilapho kukhiqizwa khona izingwazi kwezemidlalo. Wena ozofike wenze kahle oThukela uzobe wengeza kwizingwazi ezikhona kuleli," lamazwi akhulunywa umeya waseMajuba uCllr. Jabu Khumalo mhla evalelisa kubadlali lapha ehholo iRidge View. Amajuba abuye agila izimanga nakweminye imidlalo, njengoba abuye nezindondo zesiliva eziyisikhombisa, ezethusi zona azizange ziqinisekiswe ngenkathi kubhalwa loludaba. Imidlalo enze kahle kuyo, ukugijima, ivolley ball yabesilisa nabesifazane kanye netable tennis. Loyo oyinhloko yezokuxhumana kumasipala waseMajuba uMnuz. Thabo Xaba, uthe konke lokho okwenziwe abadlali kwenzeke ngenxa yomlayezo wezikhulu abayithumele kubadlali,

2010 Ford Bantam 1.3 Canopy Mileage 84 000km

2006 Tata Indica 1.4 LS Mileage 90 800km

kanye nokuzinikela kwabo. Wathi futhi ngeke bayeke ukubonga kubadlali baseMajuba nabasebenze umsebenzi omkhulu wokungaziphoxi izikhulu zakulesisifunda. "Ngicabanga ukuthi abadlali bakuleli yabakhuthaza inkulumo kameya, ekasekela meya, ekameya waseMadlangeni kanye nazozonke nje izikhulu ezazilapha mhla bevaleliswa. Lokho bakukhombise ngokuthi basebenze ngokuzikhandla ukuze bathole lemiphumela ababuye nayo. Lokhu kukhomba kona ukuthi Amajuba ayathuthuka, futhi asazoqhamuka nezinto eziningi ezinhle," kuphetha uXaba nobonge akangaqeda kubadlali bakuleli. UXaba uthe nabadlali bakuthokozela ukuzwa amazwi okubongwa bebongwa zikhulu zabo emveni kokuba nomdlalo omuhle kulelimdlalo ebeyaziwa kakhulu ngoKwanaloga. "Siyethemba ukuthi nangonyaka ozayo Amajuba azophinde akhombise ubuqhawe, futhi atshengise eminye imikhandlu ukuthi la kukubowalo ithalente nezinto ezinhle.

R92 500
2011 Nissan Tida 1.6 S/D Mileage 23 000 km

R37 500
2007 VW Golf 1.4 Mileage 130 000km

R114 900
2010 VW Polo Vivo 1.4 Mileage 19 564km

R47 500
2000 Tata Tekoline Mileage 229704km

MEMBER OF THE AUDIT BUREAU OF CIRCULATIONS Published and printed by the Proprietor Caxton Publishers & Printers Ltd 1947/02989/06 at 41 Hardwick Street, Newcastle Private Bag X6640, Newcastle, 2940 Telephone (034) 312 6021/2/3/4 Classied: (034) 312 1281/2 Ad Manager (034) 312 1283 Fax numbers: General (034) 312 8618 Retail Ads: (034) 315 4761
Advertisements: except where original material has been supplied by the client, all advertisements are the copyright of the above company and may not be reproduced in any form without the written permission of the copyright holders.

-DS054676@.d

Ezemidlal

Khangisa ukhulise ibhizinisi lakho

Advertise

Potrebbero piacerti anche